{"title":"Ukushayisana kwesiko nemfundo enovelini ethi <i>lmpi yabomdabu isethunjini</i>","authors":"Melusi Msomi","doi":"10.1080/02572117.2023.2248744","DOIUrl":null,"url":null,"abstract":"AbstractLeli phepha lihlaziya ukushayisana phakathi kwesiko nemfundo okwenzeka enovelini ethi: lmpi yabomdabu isethunjini ebhalwe ngu JC Buthelezi ngowezi-2015. Kule noveli kubonakala sengathi kukhona ukungaqondi kwabanye abalingiswa ukuthi imfundo iyini nokuthi uma umuntu esefundile kufanele aziphathe kanjani. Lokho kugcina sekudala uqhekeko nokungezwani emndenini. Lokhu kungaqondwa kweqhaza elibanjwe imfundo nesiko emndenini kugcina kudale ukuthi imindeni ingasahambelani ngenxa yokungezwani okudalwa ukusetshenziswa kwemfundo ngendlela engafanele. Kuleli phepha kuhlaziywa izinto ezidala umonakalo ekhaya uma amalungu omndeni engaliqondi isiko okumele lenziwe uma intombazane ithole izingane ekhaya yabe isiyogana yazishiya ekhaya lezo zingane. Uma leli siko lingaqondwa, lokho kungadala omkhulu umonakalo kuze kuhlukane umuzi phakathi imbala. lnhloso yaleli phepha ukuthola ukuthi ikuphi okumele kwenziwe uma imindeni inenkinga yokungaboni ngaso linye ekusetshenzisweni kwamasiko kanye nemfundo. Leli phepha lihlose ukuveza ukuthi imfundo kanye nesiko kungahlanganiswa kanjani ukubumba imindeni ngaphandle kokubukelana phansi. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi. Kusetshenziswe isampula ebizwa ngeprobability kanye nepurposive ukuthola ulwazi kubantu abathile ababambe iqhaza ocwaningweni. lnsizakuhlaziya esetshenziswe kulolu cwaningo ibizwa ngokuthi yi-Cultural theory. Le nsizakuhlaziya iveza ukuthi isiko liyindlela yokuphila elandelwa ngabantu abaningi esizweni. Lakhiwe indlela abantu abaziphatha ngayo eyenza ukuba ligcine seliyinto eyamukelekile. Leli phepha lithole ukuthi abantu abafundile bazibona bengcono kunalabo abangafundile abalandela amasiko. Okuvelile ngukuthi eqinisweni ukufunda okuhle ukubheka impllo ngeso elibanzi, elikwazi ukuhlanganisa amasiko nolwazi lwemfundo ngobuhlakani nangenhloso yokwakha isizwe esisha esingacwasani ngokwezinga lempilo.The conflict between culture and education in the novel/mpiyabomdabu isethunjiniThis article analyses the conflict between culture and education in the novel lmpi yabomdabu isethunjini by JC Buthelezi, published in 2015. Some characters in this novel seem to lack understanding of the relationship between culture (traditional practices) and education. Characters such as Bafana and Popi think that culture is for uneducated people; they think education is more significant than culture. This conflict becomes problematic because some characters end up losing everything they have, arguably because of not adhering to their culture. Bafana and Popi think that education makes them better than other community members. This analysis uses a qualitative approach as the data-collection method. Cultural theory is used to analyse data because of how it exhibits the ways humans interpret their environments. The findings indicate that there is a conflict between education and culture in this novel: those who had the privilege of receiving an education think that they are better than those who are not formally educated and who adhere to cultural practices. Those who are uneducated respect both culture and education because they believe that both are important in their lives. In the end, the characters who do not respect and follow culture lose everything that they worked for. Those who respect and follow culture have everything they want in life. The article concludes that a good education is one that views life from a more nuanced perspective, that can hold both life-giving traditional practices and education in high regard in order to build a nation of people that do not look down on others.","PeriodicalId":42604,"journal":{"name":"South African Journal of African Languages","volume":null,"pages":null},"PeriodicalIF":0.4000,"publicationDate":"2023-05-04","publicationTypes":"Journal Article","fieldsOfStudy":null,"isOpenAccess":false,"openAccessPdf":"","citationCount":"0","resultStr":null,"platform":"Semanticscholar","paperid":null,"PeriodicalName":"South African Journal of African Languages","FirstCategoryId":"1085","ListUrlMain":"https://doi.org/10.1080/02572117.2023.2248744","RegionNum":0,"RegionCategory":null,"ArticlePicture":[],"TitleCN":null,"AbstractTextCN":null,"PMCID":null,"EPubDate":"","PubModel":"","JCR":"0","JCRName":"LANGUAGE & LINGUISTICS","Score":null,"Total":0}
引用次数: 0
Abstract
AbstractLeli phepha lihlaziya ukushayisana phakathi kwesiko nemfundo okwenzeka enovelini ethi: lmpi yabomdabu isethunjini ebhalwe ngu JC Buthelezi ngowezi-2015. Kule noveli kubonakala sengathi kukhona ukungaqondi kwabanye abalingiswa ukuthi imfundo iyini nokuthi uma umuntu esefundile kufanele aziphathe kanjani. Lokho kugcina sekudala uqhekeko nokungezwani emndenini. Lokhu kungaqondwa kweqhaza elibanjwe imfundo nesiko emndenini kugcina kudale ukuthi imindeni ingasahambelani ngenxa yokungezwani okudalwa ukusetshenziswa kwemfundo ngendlela engafanele. Kuleli phepha kuhlaziywa izinto ezidala umonakalo ekhaya uma amalungu omndeni engaliqondi isiko okumele lenziwe uma intombazane ithole izingane ekhaya yabe isiyogana yazishiya ekhaya lezo zingane. Uma leli siko lingaqondwa, lokho kungadala omkhulu umonakalo kuze kuhlukane umuzi phakathi imbala. lnhloso yaleli phepha ukuthola ukuthi ikuphi okumele kwenziwe uma imindeni inenkinga yokungaboni ngaso linye ekusetshenzisweni kwamasiko kanye nemfundo. Leli phepha lihlose ukuveza ukuthi imfundo kanye nesiko kungahlanganiswa kanjani ukubumba imindeni ngaphandle kokubukelana phansi. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi. Kusetshenziswe isampula ebizwa ngeprobability kanye nepurposive ukuthola ulwazi kubantu abathile ababambe iqhaza ocwaningweni. lnsizakuhlaziya esetshenziswe kulolu cwaningo ibizwa ngokuthi yi-Cultural theory. Le nsizakuhlaziya iveza ukuthi isiko liyindlela yokuphila elandelwa ngabantu abaningi esizweni. Lakhiwe indlela abantu abaziphatha ngayo eyenza ukuba ligcine seliyinto eyamukelekile. Leli phepha lithole ukuthi abantu abafundile bazibona bengcono kunalabo abangafundile abalandela amasiko. Okuvelile ngukuthi eqinisweni ukufunda okuhle ukubheka impllo ngeso elibanzi, elikwazi ukuhlanganisa amasiko nolwazi lwemfundo ngobuhlakani nangenhloso yokwakha isizwe esisha esingacwasani ngokwezinga lempilo.The conflict between culture and education in the novel/mpiyabomdabu isethunjiniThis article analyses the conflict between culture and education in the novel lmpi yabomdabu isethunjini by JC Buthelezi, published in 2015. Some characters in this novel seem to lack understanding of the relationship between culture (traditional practices) and education. Characters such as Bafana and Popi think that culture is for uneducated people; they think education is more significant than culture. This conflict becomes problematic because some characters end up losing everything they have, arguably because of not adhering to their culture. Bafana and Popi think that education makes them better than other community members. This analysis uses a qualitative approach as the data-collection method. Cultural theory is used to analyse data because of how it exhibits the ways humans interpret their environments. The findings indicate that there is a conflict between education and culture in this novel: those who had the privilege of receiving an education think that they are better than those who are not formally educated and who adhere to cultural practices. Those who are uneducated respect both culture and education because they believe that both are important in their lives. In the end, the characters who do not respect and follow culture lose everything that they worked for. Those who respect and follow culture have everything they want in life. The article concludes that a good education is one that views life from a more nuanced perspective, that can hold both life-giving traditional practices and education in high regard in order to build a nation of people that do not look down on others.
期刊介绍:
The South African Journal of African Languages is a peer-reviewed research journal devoted to the advancement of African (Bantu) and Khoi-San languages and literatures. Papers, book reviews and polemic contributions of a scientific nature in any of the core areas of linguistics, both theoretical (e.g. syntax, phonology, semantics) and applied (e.g. sociolinguistic topics, language teaching, language policy), and literature, based on original research in the context of the African languages, are welcome. The journal is the official mouthpiece of the African Language Association of Southern Africa (ALASA), established in 1979.